Comprehension

Thina sisepulazini likamalume. Siyabavakashela kabili ngonyaka. Ipulazi liKwa Zulu Natal kodwa thina sihlala eGoli. Sivama ukuvakasha amaviki amabili.

Epulazini kukhona izinto eziningi zokwenza. Sithanda ukuvuka ekuseni kakhulu. Siya phandle simsize umalume no-anti. Umalume uyasicela ukuthi simlandele izinsengwakazi enkanjini ngoba ufuna ukuzisenga. Unomshini wokusenga. Kuqala kufanele simgezele konke bese uyasenga. Uma eqedile ukusenga, kufanele sizinike izinkonyane ubisi futhi sinike amakati ubisi. Kufanele umalume uyise ubisi ku-anti ekhishini ngoba sifuna ukuphuza lona ekuseni.

Ngesikhathi siqeda ukudla, siphumela phandle. Manje kufanele simsize u-anti nezinkukhu. Ezinye zichamusele, zinamatshwele. Mahle kakhulu. Ezinye zizalela amaqanda. Thina sithanda ukuwalanda, siwageze ngoba ayathengiswa.

Manje sesiqedile ukusiza umalume. Sinesikhathi sokudlala. Sithanda kakhulu ukudlala nezinja zikamalume. Izinja zithanda ukudlala ngebhola, nathi sithanda ukudlala ngebhola. Uma kushisa kakhulu sithanda ukubhukuda edamini. Idamu likamalume likhulu kakhulu. Amanye amalanga sithanda ukugibela ihhashi. Asiwesabi amahhashi.

Ngo-4 kufanele sibheke izimvu nezimbuzi zikamalume. Kufanele ziphwe ukudla. Uma siqeda lapha siya ezingulubeni sizithelele ukudla ngoba ziyakhuluphaliswa ngoba zizothengiswa. Manje kuyasengwa kanye futhi. Umalume uthengisa ubisi esitolo.

Ebusuku sikhathele kakhulu bese silala kahle kakhulu. Hhayi, kumnandi kakhulu epulazini likamalume. Sesiyajabula ukubavakashela futhi.

Questions

  1. Bathanda ukuyaph?
  2. Benzani abantwana ekuseni?
  3. Bathanda ukwenzani emini?
  4. Banika ziphi izilwane ukudla?
  5. Umalume uyenzani ngobisi?
  6. Abantwana banjani ebusuku?