Dialogue

Sipho: We Dumisane, wenzani?

Dumisane: Ngifuna ukudlala ibhola.

Sipho: Uzodlalaphi futhi uzodlala nobani?

Dumisane: Ngizodlala phandle nomngane wami uJabulani kodwa uSam akakwazi ukudlala manje ngoba uyagula.

Sipho: Kwezenjani?

Dumisane: Angazi ngoba angimbuzanga futhi akangitshelanga.

Sipho: Ngingadlala mina, noma awufuni?

Dumisane: Cha, kulungile. Woza nathi ngoba sizodlala manje.

Vocabulary

We Dumisane hey Dumisane
Ngifuna I want
Ukudlala to play
Ibhola football
Uzodlalaphi? where will you play?
Futhi and
Nobani? with whom?
Phandle outside
Nomngane wami with my friend
Kodwa but
Akakwazi he can’t
Ukudlala play
Manje now
Ngoba uyagula
Kwenzenjani? What is wrong / what happened?
Angazi I don’t know
Ngoba because
Angimbuzanga I did not ask him
Akangitshelanga he did not tell me
Ngingadlala mina? could I play?
Noma or
Awufuni don’t you want
Cha, kulungile no it is okay
Woza come
Nathi with us
Ngoba because
Sizodlala we will play
Manje now