Dialogue

uKristina: Woza lapha we Celo.

uCelo: Ufuna ukuthi ngenzeni?

uKrestina: Ngifuna ungisize lapha ngewashini. Uma lomile ngiyakucela ulingenise ngoba kufanele mina ngiye edolobheni ukuthenga ukudla.

uCelo: Hey wena uyazi ukuthi mina anginasikhathi ukwenza lokhu?

uKrestina: Yebo, kodwa bengicabanga ukukuthengela isipho edolobheni uma wena uyangenzela lo msebenzi.

uCelo: Kulungile –ke ngizokwenza. Kufanele ngilibekephi iwashini?

uKrestina: Ekishini. Ngizoli-ayina ngesikhathi ngibuyile.

Vocabulary

Ngezeni? What should I do?
Ungisize you should help me
Ngewashini with the washing
Lomile it is dry
Ngiyakucela I ask you
Ulingenise to bring it in
Anginasikhathi I don’t have time
Ukwenza to do
Bengicabanga I thought
Ukukuthengela to buy for you
Isipho a present
Uyangezela you do this for me
Ngilibekephi where should I put it (the washing)
Ekhishini in the kitchen
Ngizoli-ayina I will iron it