Comprehension
Namuhla kuyilanga lami lokusebenza ekhaya. Ngifuna ukusula nokupholisha ifenisha. Ngizoshanela bese ngigeza phansi ekhishini. Ngizowageza namafasitele. Nasebhavulumu ngizogeza konke. Ngifuna ukuthi konke endlini kukhanye. Ngimcele usisi wami angincedise ngomsebenzi. Yena uzongisebenzela phandle. Uzoshanela ibala futhi uzongicentela engadini. Angiluthandi ukhula. Engadini satshala ummbila namazambane notamatisi nobhontshisi. Sithanda ukuzitshalela imifino. Uma imifino miningi, mina ngiyayidayisa emakethe ngoMgqibelo.
Uma ngiqede umsebenzi wasendlini, ngizoqala ukugeza izingubo zethu zasekhaya nazasemsebenzini. Ngithanda ukuqeda wonke umsebenzi ngoba mina anginasikhathi phakathi kweviki ngoba ngisebenza enkantolo edolobheni. Ngijwayela ukubuyela ekhaya ngo-5. Kufanele ngiqale ukuphekela umndeni wami. Umyeni wami usebenza esikolweni ngoba uyafundisa. Izingane zethu zifunda zombili.
Kuhle ukusizana ngoba thina sithi ‘Izandla ziyagezana’ ngesiZulu. Kusho ukuthi uma umuntu uyangisiza, mina ngizomsiza futhi ngesinye isikhathi uma efuna ukuthi ngimsize.
Questions
- Ucabanga ukuthi basebenza ngaliphi ilanga?
- Ufuna ukwenza muphi umsebenzi phakathi endlini?
- Ngubani uzofika ukumsiza? Uzowenzani?
- Umyeni usebenzaphi?
- Kuthini uma sithi ‘Izandla ziyagezana’?